UGenesise 47:1-12

UGenesise 47:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJosefa wangena, wabikela uFaro, wathi: “Ubaba nabafowethu, nemihlambi yabo yezimvu, neyezinkomo, nakho konke abanakho, sebefikile bevela eKhanani, manje sebeseGosheni.” Wathatha abahlanu phakathi kwabafowabo wayobethula kuFaro. UFaro wathi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?” Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi bemihlambi, thina nobaba.” Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.” UFaro wathi kuJosefa: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe, iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.” UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro. UFaro wathi kuJakobe: “Mingaki iminyaka yakho na?” UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.” UJakobe wambusisa uFaro, wayesesuka phambi kukaFaro. UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile. UJosefa wamhlinzeka uyise, nabafowabo, nabo bonke abendlu kayise ngokudla, ngokwenani labantu abasezindlini zabo.

UGenesise 47:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.” Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu, wawabeka phambi kukaFaro. UFaro wayesethi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?” Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.” Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.” Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe; izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.” UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro. Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?” UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro. UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile. UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.