UGenesise 39:2-4

UGenesise 39:2-4 ZUL59

UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 39:2-4