UGenesise 32:22-32

UGenesise 32:22-32 ZUL59

Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki. Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho. Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa. Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye. Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.” Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.” Wathi kuye: “Ungubani igama lakho na?” Wathi: “NginguJakobe.” Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.” UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona. UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.” Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe. Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 32:22-32

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo