Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.” Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?” URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.” Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku. UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare. ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni. Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
Funda UGenesise 30
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 30:14-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo