UGenesise 30:14-21
UGenesise 30:14-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngezinsuku zokuvunwa kukakolo, uRubeni waya endle wathola amamandarike. Wawaletha kunina uLeya. URaheli wathi kuLeya: “Ake ungiphe nami amamandarike endodana yakho.” Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?” URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.” Kwathi kusihlwa uJakobe esebuyela ekhaya evela emasimini, uLeya waphuma wamhlangabeza, wathi kuye: “Namhlanje uzolala nami, ngokuba ngikuqashe ngamamandarike endodana yami.” Walala naye ngalobo busuku. UNkulunkulu wamlalela uLeya, wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu. ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe umvuzo, ngoba nginikele ngesisebenzi sami endodeni yami.” Wayiqamba igama wathi ngu-Isakhari. ULeya wakhulelwa futhi, wamzalela uJakobe indodana yesithupha. ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.” Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni. Emveni kwalokho wamzalela indodakazi, wayiqamba igama wathi nguDina.
UGenesise 30:14-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.” Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?” URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.” Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku. UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare. ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni. Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
UGenesise 30:14-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
URubeni wahamba ngezinsuku zokuvuna ukolweni, wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Nginike ama-apula othando endodana yakho. Wathi kuye: “Kuncane yini ukuthi uthathile umyeni wami na?” futhi uyafuna futhi ukuphuca ama-apula othando endodaneni yami? URaheli wayesethi: “Ngalokho uzolala nawe namuhla ebusuku ngenxa yama-apula othando endodana yakho. UJakobe wafika evela endle sekuhlwile, uLeya waphuma ukumhlangabeza, wathi: “Kumelwe ungene kimi; ngoba impela ngikuqashile ngamamandrake endodana yami. Walala naye ngalobo busuku. UNkulunkulu wamuzwa uLeya, wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesihlanu. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo wami, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama layo ngokuthi u-Isakare. ULeya wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesithupha. Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile ilobolo elihle; manje umyeni wami useyakuhlala nami, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni. Ngasemuva wazala indodakazi, wayiqamba ngokuthi uDina.