KwabaseGalathiya 2:11-13

KwabaseGalathiya 2:11-13 ZUL59

Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala. Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka. Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.