KwabaseGalathiya 1:6-10

KwabaseGalathiya 1:6-10 ZUL59

Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo. Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo. Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 1:6-10