U-Ezra 7:11-28

U-Ezra 7:11-28 ZUL59

Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi: “U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi. “Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe, njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho, nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema, kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema. Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema. “Okuhle kuwe nakubafowenu ukuba nikwenze ngesiliva negolide eliseleyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu. Izitsha onikwe zona ukuba zibe ngezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema. Okunye okudingekayo endlini kaNkulunkulu wakho, ofanele ukukunika, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi. “Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke, kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe. Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na? Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela. “Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise. Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.” Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema, wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.

Funda U-Ezra 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo