U-Ezra 7:11-28

U-Ezra 7:11-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Leli yifuzela lencwadi inkosi u-Arithahishasitha alinika u-Ezra, umphristi, umbhali, owayengumbhali wemithetho nezimiso zikaSimakade ku-Israyeli, ethi: “U-Arithahishasitha, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu: ukuthula. “Ngishaya umthetho othi: noma yimuphi umuntu wakwa-Israyeli, noma abaphristi bakhona, noma abaLevi abasembusweni wami abathanda ukuya eJerusalema, bangahamba nawe. Ngokuba uthunywa yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa, ukuba niyobheka ukuthi kuhamba kanjani kwaJuda naseJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wenu osesandleni sakho, nokuhambisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli, ondlu yakhe iseJerusalema; nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema. Niyisebenzise ngokucophelela leyo mali, nithenge izinkunzi, izinqama, amawundlu, iminikelo yokusanhlamvu neminikelo yokuphuzwayo, nikunikele e-althare endlini kaNkulunkulu wenu eJerusalema. “Wena nabafowenu, lokho enikubona kufanele ukuba nikwenze ngesiliva nangegolide elisalileyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu. Izitsha ozinikiwe ukuba zisetshenziselwe inkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, uyakuzibuyisela kuNkulunkulu wakho eJerusalema. Noma yini enye edingekayo endlini kaNkulunkulu wakho okufanele niyihlinzeke ngokwenu, ithatheni engcebeni yenkosi. “Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu, kuze kufike ekhulwini lamathalenta esiliva, nekhulu lamakhora kakolo, amabhathi ayikhulu ewayini, amabhathi alikhulu amafutha, nosawoti ongenakubalwa. Konke okuyalwe nguNkulunkulu wasezulwini makwenziwe ngesineke, kwenzelwa indlu kaNkulunkulu wasezulwini, funa intukuthelo kaNkulunkulu yehlele inkosi namadodana ayo. Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu. “Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe. Bonke abangawulaleli umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, kumele bajeziswe ngokubafaneleyo, kungaba ngokufa noma ngokudingiswa, noma ngokudlelwa impahla noma ngokuboshwa.” Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela, ongenzele umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo, naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezingamaqhawe. Ngaba nesibindi ngoba isandla seNkosi uSimakade sasinami, ngaqoqa abaholi kwa-Israyeli ukuba benyuke nami.

Dlulisela
Funda U-Ezra 7

U-Ezra 7:11-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi: “U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi. “Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe, njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho, nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema, kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema. Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema. “Okuhle kuwe nakubafowenu ukuba nikwenze ngesiliva negolide eliseleyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu. Izitsha onikwe zona ukuba zibe ngezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema. Okunye okudingekayo endlini kaNkulunkulu wakho, ofanele ukukunika, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi. “Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke, kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe. Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na? Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela. “Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise. Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.” Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema, wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.

Dlulisela
Funda U-Ezra 7

U-Ezra 7:11-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nansi ikhophi yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyayinika u-Ezra, umpristi, umbhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nezimiso zakhe ku-Israyeli. U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi, ku-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ukuthula okupheleleyo nangaleso sikhathi. Ngikhipha umyalo wokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli nabapristi babo namaLevi embusweni wami, abayothanda ukukhuphukela eJerusalema ngokuzithandela kwabo, kumelwe bahambe nawe. Ngokuba uthunywe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukuba uhlole uJuda neJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho; nokuthwala isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abanikela ngayo ngokuzithandela kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema; nalo lonke isiliva negolide ongalifumana kuso sonke isifunda saseBabele, kanye nomnikelo wesihle wabantu nowabapristi abavuma ukuhlabela indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema; ukuze usheshe uthenge ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu, neminikelo yako yokudla, neminikelo yako yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema. Noma yini okuhle ngawe nabafowenu ukuba niyenze ngalo lonke elinye isiliva negolide, niyenze ngokwentando kaNkulunkulu wenu. Futhi izitsha onikelwe zona zenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, lezi uzigcine phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema. Konke okunye okudingwa endlini kaNkulunkulu wakho oyakuba nethuba lokukunika kona, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi. Futhi nami, nkosi u-Aritahishashita, ngiyaleza bonke abaphathi-zimali abangaphesheya komfula ukuthi konke u-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ayakukubuza kini, makwenziwe masinyane; kuze kube ngamathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolweni ayikhulu, nezindebe zewayini ezifika eziyikhulu, nezimbiza zamafutha nosawoti eziyikhulu ngaphandle kokusho ukuthi yimalini. Konke okuyalezwa nguNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngenhliziyo yonke indlu kaNkulunkulu wezulu; ngoba kungani kufanele kube nolaka embusweni wenkosi namadodana ayo? Futhi siyanitshela ukuthi ngeke kube ngokomthetho ukubakhokhisa intela, intela noma intela, uma bethinta noma yimuphi wabapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini, nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu. Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabahluleli abangahlulela bonke abantu abangaphesheya komfula, bonke abayaziyo imithetho kaNkulunkulu wakho; futhi bafundise abangaziyo. Noma ngubani ongawenzi umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, makugwetshwe masinyane kuye, noma elokufa, noma elokuxoshwa, noma elokudliwa kwempahla, noma elokuboshwa. Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba owafaka into enjalo enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema. Wangenzela umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezinamandla. Ngaba namandla njengoba isandla sikaJehova uNkulunkulu wami sasiphezu kwami, futhi ngabutha izikhulu kwa-Israyeli ukuba zikhuphuke nami.

Dlulisela
Funda U-Ezra 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo