U-Ezra 6:13-22

U-Ezra 6:13-22 ZUL59

Khona uThathenayi umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke, ngokuba uDariyu inkosi wayethumele. Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya. Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka-Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi. Abantwana bakwa-Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa, bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza. Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili, nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli. Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala. Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika, nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo. Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla; bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.

Funda U-Ezra 6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo