U-Ezra 6:13-22

U-Ezra 6:13-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona. Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya. Zaqeda ukukwakha indlu ngosuku lwesithathu lwenyanga u-Adari, ngonyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu. Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi nabo bonke abantu ababuye ekuthunjweni, bayehlukanisela uNkulunkulu indlu ngenkulu injabulo. Lapho beyehlukanisa, benza umhlatshelo ngezinkunzi ezilikhulu, izimvu ezingama-200, namawundlu angama-400, nezimbuzi ezili-12 ezaba ngumnikelo wesono, ngayinye imele isizwana ngesizwana sakwa-Israyeli. Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose. Abantu ababebuya ekuthunjweni bagubha uMkhosi wePhasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala, ngokuba bonke abaphristi nabaLevi base bezihlambululile, bonke sebehlambulukile. Bahlabela iPhasika bonke ababebuya ekuthunjweni, nabaphristi, nabo luqobo. Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika. Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.

Dlulisela
Funda U-Ezra 6

U-Ezra 6:13-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona-ke uThathenayi, umbusi nganeno komfula, neSetharibhozenayi nabangane babo, njengoba nje uDariyu inkosi wayethumele, benza kanjalo ngokushesha. Abadala bamaJuda basebesakha, baphumelela ngomprofethi kaHagayi umprofethi loZakariya indodana kaIdo. Bakha, baqeda njengomyalo kaNkulunkulu ka-Israyeli nanjengomyalo kaKoresi noDariyu no-Aritahishashita inkosi yasePheresiya. Le ndlu yaqedwa ngosuku lwesithathu lwenyanga ka-Adari, ngomnyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu. Abantwana bakwa-Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abantwana babathunjwa bagcina ukunikezelwa kwale ndlu kaNkulunkulu ngokujabula. Nasekuhlukaniseni le ndlu kaNkulunkulu izinkunzi eziyikhulu, nezinqama ezingamakhulu amabili, namawundlu angamakhulu amane; nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wesono ka-Israyeli wonke, ngokwenani lezizwe zakwa-Israyeli. Bamisa abapristi ngezigaba zabo namaLevi ngezigaba zabo enkonzweni kaNkulunkulu eseJerusalema; njengokulotshiweyo egwalweni lukaMozisi. Abantwana babathunjwa bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala. Ngokuba abapristi namaLevi babehlanjululwe kanyekanye, bonke babehlambulukile, bazihlabela zonke iziboshwa, nabafowabo, nabapristi, nabo ngokwabo iphasika. Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisile nokungcola kwezizwe zezwe, ukuba bafune uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, badla; bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wabathokozisa, waletha kubo inhliziyo yenkosi yase-Asiriya ukuba iqinise izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.

Dlulisela
Funda U-Ezra 6

U-Ezra 6:13-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uThathenayi umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke, ngokuba uDariyu inkosi wayethumele. Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya. Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka-Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi. Abantwana bakwa-Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa, bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza. Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili, nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli. Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala. Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika, nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo. Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla; bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.

Dlulisela
Funda U-Ezra 6