U-Ezra 6

6
UDariyu Ukhipha Umyalo Wokuphenya Emiqulwini EBhabhele
1 Inkosi uDariyu yashaya umthetho wokuthi akuphenywe emiqulwini esendlini yemilando egcinwe eBhabhele. 2 Kwatholakala umqulu e-Ekhibhathana, inhlokomuzi yesifundazwe eMediya, okwakulotshwe kuwo:
Isikhumbuzo.
3 “Ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi, yashaya umthetho othi: maqondana nendlu kaNkulunkulu eseJerusalema mayakhiwe kabusha, indawo lapho imihlatshelo yayinikelelwa khona neminikelo yokushiswa eyayilethwa khona, ubude bayo kumele bube ngamakhubhithi angama-60, nobubanzi bayo bube ngamakhubhithi angama-60. 4 Izindonga zibe imigqa emithathu yamatshe, omunye phezu komunye, bese zilandelwa ngowodwa wezingodo ezintsha. Izindleko mazikhishwe esikhwameni sengcebo yendlu yenkosi. 5 Izitsha zegolide nezesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema wazisa eBhabhele, nazo kumele zibuyiselwe eJerusalema, yileso naleso endaweni yaso endlini kaNkulunkulu.”
Umyalo KaDariyu KuThathenayi NoShathari Bhozenayi Ngokwakhiwa Kwendlu KaSimakade
6 “Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho; 7hlukanani nomsebenzi wendlu kaNkulunkulu; yekelani umbusi wabaJuda nezikhulu bayakhe kabusha indlu kaNkulunkulu esizeni sayo.
8 “Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami. 9Noma yini abayidingayo: amaduna, izinqama, amawundlu abazokwenza ngakho iminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wasezulwini, nokolo, usawoti, iwayini, namafutha, njengokusho kwabaphristi abaseJerusalema, mabanikwe lokho nsuku zonke, kungaphuthi, 10 ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
11 “Ngiyaniyala ngithi: uma kukhona oyoguqula lo mthetho engiwushayile, kuyokhishwa ibhanuko emshayweni wendlu yakhe, ajojwe ngalo, umuzi wakhe ube ngumquba. 12 UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”
Ithempeli Lehlukaniselwa UNkulunkulu
13 UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona. 14 Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya. 15 Zaqeda ukukwakha indlu ngosuku lwesithathu lwenyanga u-Adari, ngonyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.
16 Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi nabo bonke abantu ababuye ekuthunjweni, bayehlukanisela uNkulunkulu indlu ngenkulu injabulo. 17 Lapho beyehlukanisa, benza umhlatshelo ngezinkunzi ezilikhulu, izimvu ezingama-200, namawundlu angama-400, nezimbuzi ezili-12 ezaba ngumnikelo wesono, ngayinye imele isizwana ngesizwana sakwa-Israyeli. 18Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose.
UMkhosi WePhasika
19 Abantu ababebuya ekuthunjweni bagubha uMkhosi wePhasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala, 20 ngokuba bonke abaphristi nabaLevi base bezihlambululile, bonke sebehlambulukile. Bahlabela iPhasika bonke ababebuya ekuthunjweni, nabaphristi, nabo luqobo. 21 Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika. 22 Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Ezra 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo