Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha. Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo. Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona. Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti. Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
Funda UHezekeli 47
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHezekeli 47:7-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo