“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele. Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwe-altare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi. Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana. “ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo. Ngalolo suku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bezwe inkunzi ibe ngumnikelo wesono. Izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakulungisela uJehova umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici imihla ngemihla ngalezo zinsuku eziyisikhombisa, kanye nempongo imihla ngemihla ibe ngumnikelo wesono. Siyakulungisela inkunzi umnikelo wempuphu, i-efa,* ne-efa ngenqama, nehini* lamafutha nge-efa. “ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa, kunjengomnikelo wesono, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namafutha.
Funda UHezekeli 45
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHezekeli 45:18-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo