UHezekeli 36:1-7

UHezekeli 36:1-7 ZUL59

“Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’ ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu, ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke, yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’ ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo