UHezekeli 36:1-7
UHezekeli 36:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Wena ndodana yomuntu, phrofetha kuzo izintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu. “Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, ngakho-ke zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uSimakade, elithi: Isho kanje iNkosi uSimakade kuzo izintaba, emagqumeni, emifuleni, ezigodini, ezindaweni eziyincithakalo, emizini esisele dengwane, osekuyimpango nenhlekisa yezizwe eziseleyo ezizungeze gimbici, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: impela ngentukuthelo yami evuthayo, ngikhulumile ngamelana nensali ezizweni naye wonke u-Edomi, abenze izwe lami laba yifa labo ngentokozo nangenhliziyo yabo embi, ukuze lilahlwe libe yimpango.” ’ ” Ngakho-ke phrofetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi ezintabeni, emagqumeni, emifuleni nasezigodini: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngikhulume nginesikhwele nolaka oluvuthayo, ngokuba benithwele ihlazo labezizwe. Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngisiphakamisile isandla sami, ngafunga ngathi impela abezizwe abanizungeze ndawo zonke bayakulithwala ihlazo labo.
UHezekeli 36:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’ ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu, ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke, yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’ ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.
UHezekeli 36:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Wena ndodana yomuntu, profetha kuzo izintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova! Usho kanje uJehova; Ngokuba isitha sathi ngani: “Ashila, izindawo eziphakemeyo zasendulo zisesandleni sethu; Khona-ke profetha uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba bakwenze ihlane, bakushwabadela nxazonke, ube yifa lensali yezizwe, uthathwe ezindebeni zabakhulumayo, ube yihlazo kubantu. Ngakho-ke, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova; Usho kanje uJehova kuzo izintaba namagquma, nemifula, nezigodi, izinqwaba eziyincithakalo, nasemizini eyincithakalo, eseyimpango nenhlekiso kuyo insali yezizwe nxazonke; “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngikhulumile ngomlilo womhawu wami ngokumelene nensali yabezizwe ne-Idumiya yonke ababeka izwe lami efa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke ngonya ukuze balixoshe njengempango. Khona-ke uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba namagquma, imifula nezigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulumile ngentshiseko yami nangentukuthelo yami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngiphakamisile isandla sami, impela, izizwe ezinihaqayo ziyakuthwala ihlazo lazo.