UHezekeli 36

36
Ukubuyiswa Kuka-Israyeli
1“Wena ndodana yomuntu, phrofetha kuzo izintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaSimakade. 2Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.
3“Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, 4ngakho-ke zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uSimakade, elithi: Isho kanje iNkosi uSimakade kuzo izintaba, emagqumeni, emifuleni, ezigodini, ezindaweni eziyincithakalo, emizini esisele dengwane, osekuyimpango nenhlekisa yezizwe eziseleyo ezizungeze gimbici, 5isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: impela ngentukuthelo yami evuthayo, ngikhulumile ngamelana nensali ezizweni naye wonke u-Edomi, abenze izwe lami laba yifa labo ngentokozo nangenhliziyo yabo embi, ukuze lilahlwe libe yimpango.” ’ ”
6Ngakho-ke phrofetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi ezintabeni, emagqumeni, emifuleni nasezigodini: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngikhulume nginesikhwele nolaka oluvuthayo, ngokuba benithwele ihlazo labezizwe. 7Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngisiphakamisile isandla sami, ngafunga ngathi impela abezizwe abanizungeze ndawo zonke bayakulithwala ihlazo labo.
8“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye. 9Bhekani, nginani; ngiyakubuyela kini, nilinywe, futhi nihlwanyelwe. 10Ngiyakwandisa inani labantu bakini, bonke abendlu yakwa-Israyeli, ngothi lwabo. Yonke imizi yakhona kuyakuhlalwa kuyo, kuthi izindawo ezibhidliziweyo zakhiwe kabusha. 11Ngiyakuwandisa umumo wabantu nezilwane, kwande, kuzalane. Ngiyakwenza ukuba kuhlalwe kini njengakuqala, nginenzele okuhle kunakuqala, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade. 12Ngiyakukwenza abantu bami u-Israyeli ukuba bachachaze phezu kwenu, bayakunithatha nibe yifa labo; awusayukuphinde ubaphuce abantwana.
13“ ‘ “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ngokuba bathi kuwe: Wena udla abantu, nguwe ophuce isizwe sakini abantwana,
14“ ‘ “ngakho-ke awusayukuphinde ubadle abantu, futhi awusayukusiphuca isizwe sakini abantwana,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15“ ‘ “Ngiyakwenza ukuba ungabe usazizwa izinhlamba zabezizwe. Awusayukulithwala ihlazo labantu, ungabe usasikhubekisa nesizwe sakini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
16Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 17“Ndodana yomuntu, ngesikhathi indlu ka-Israyeli isahlala ezweni layo, balingcolisa ngokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo. Indlela ababeziphethe kabi ngayo yayingcolile phambi kwami, ifana nowesifazane ekungcoleni kwakhe. 18Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangenxa yokuba babelingcolisile ngezithombe zabo. 19Ngabahlakazela ezizweni, basatshalaliselwa emazweni; ngabehlulela ngangokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo. 20Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’ 21Kepha ngadabukela igama lami elingcwele, indlu yakwa-Israyeli eyayilingcolisile phakathi kwezizwe ababeye kuzo.
22“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazileyo ezizweni, lapho benikade nikhona. 23Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziweyo ezizweni, enilihlambalazileyo kuzo, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho ngizibonakalisa ngani phambi kwazo ukuthi Mina ngingcwele,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
24“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini. 25Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. 26Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake umoya omusha ezibilinini zenu, ngiyikhiphe inhliziyo yetshe emzimbeni wenu, ngininike inhliziyo yobuntu. 27Ngiyakufaka uMoya wami ezibilinini zenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakuzigcina izehlulelo zami, futhi nizenze. 28Niyakuhlala ezweni engalinika okhokho benu, nibe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu. 29Ngiyakunihlenga kukho konke ukungcola kwenu; ngibize okusanhlamvu, ngikwenze kube yinsada, ngingabe ngisayehlisela kini indlala. 30Ngiyakuzandisa izithelo ezihlahleni zenu nesivuno emasimini, ukuze ningathelwa ngehlazo ezizweni ngenxa yendlala. 31Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu. 32Makwazeke kini ukuthi lokhu angikwenzi ngenxa yenu, kodwa yibani namahloni nihlazeke ngenxa yokuziphatha kabi kwenu, nina ndlu yakwa-Israyeli.”
33“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, bese ngenza ukuba kuhlalwe kuyo yonke imizi, nezindawo ezibhidliziweyo zakhiwe kabusha. 34Izwe ebelisele dengwane liyakulinywa kunokuba libe yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo. 35Bayakuthi: “Leli lizwe ebeliyihlane selifana nensimu yase-Edene; nemizi ebibhujisiwe, ebiyincithakalo nebibhidliziwe isibiyelwe, sekukhona abahlala kuyo.
36Izizwe eziyakusala zinizungeze nxazonke ziyokwazi ukuthi yiMina Simakade engiyakhe kabusha imizi ebibhidliziwe, ngatshala endaweni ebisiyincithakalo; Mina Simakade ngikhulumile, futhi ngizokwenza lokho.’ ”
37“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu. 38Babe baningi ngangemihlambi yaseJerusalema eyehlukaniselwe umhlatshelo ngesikhathi esimiselwe imikhosi yakhona. Kanjalo-ke nemizi ebisele dengwane iyakugcwala izinkumbi zabantu, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 36: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume