Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele; bamenzela u-Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wayenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Balikhanda igolide laba ngongcwecwe, balisika izincingwana ukuba zalukwe nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, umsebenzi wengcweti. Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; yahlanganiswa emaceleni omabili. Ibhande* elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo, lifana nokusetshenzwa kwayo, lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Balungisa amatshe amashohamu* ezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho ngamagama amadodana ka-Israyeli. Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Sasinezinhlangothi ezine ezilingeneyo; basenza isihlangu sesifuba siphindwe kabili; ubude baso babunjengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso babunjengokudazuluka kweminwe, siphindwe kabili. Bafaka kuso izinhla ezine zamatshe; uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi* lwaba luhla lokuqala; uhla lwesibili lwaba yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;* uhla lwesithathu lwaba yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;* uhla lwesine lwaba yikrisolithi,* neshohamu,* nejaspi;* ayezungeziwe yizisekelo zegolide lapho zifakwe khona. Amatshe ayeyishumi nambili njengamagama amadodana ka-Israyeli, njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo lalinegama lakhe kuzo izizwe eziyishumi nambili.
Benza esihlangwini sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo. Benza izisekelo ezimbili zegolide namasongo amabili egolide; bawafaka amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu. Base befaka amaketanga omabili egolide athandelweyo emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka ezisekelweni ezimbili, wazibeka ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe. Base bewenza amasongo amabili egolide, bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi. Bawenza amasongo amabili egolide, bawafaka ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe. Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe, njengalokho uJehova emyalile uMose.