U-Eksodusi 39:1-21

U-Eksodusi 39:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele; bamenzela u-Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose. Wayenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Balikhanda igolide laba ngongcwecwe, balisika izincingwana ukuba zalukwe nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, umsebenzi wengcweti. Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; yahlanganiswa emaceleni omabili. Ibhande* elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo, lifana nokusetshenzwa kwayo, lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, njengalokho uJehova emyalile uMose. Balungisa amatshe amashohamu* ezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho ngamagama amadodana ka-Israyeli. Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Sasinezinhlangothi ezine ezilingeneyo; basenza isihlangu sesifuba siphindwe kabili; ubude baso babunjengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso babunjengokudazuluka kweminwe, siphindwe kabili. Bafaka kuso izinhla ezine zamatshe; uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi* lwaba luhla lokuqala; uhla lwesibili lwaba yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;* uhla lwesithathu lwaba yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;* uhla lwesine lwaba yikrisolithi,* neshohamu,* nejaspi;* ayezungeziwe yizisekelo zegolide lapho zifakwe khona. Amatshe ayeyishumi nambili njengamagama amadodana ka-Israyeli, njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo lalinegama lakhe kuzo izizwe eziyishumi nambili. Benza esihlangwini sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo. Benza izisekelo ezimbili zegolide namasongo amabili egolide; bawafaka amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu. Base befaka amaketanga omabili egolide athandelweyo emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka ezisekelweni ezimbili, wazibeka ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe. Base bewenza amasongo amabili egolide, bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi. Bawenza amasongo amabili egolide, bawafaka ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe. Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe, njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Eksodusi 39:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Benza izingubo ezinhle zokukhonza endaweni engcwele ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane nangokubomvu. Benzela u-Aroni izingubo ezingcwele njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Benza ingubo yamahlombe ngegolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. Bacangcatha igolide laba ngamacwecwe, base bewasika aba yimidweshana bayelukela ensontweni eluhlaza okwesibhakabhaka, ebukhwebezane, ebomvu, naselinenini elicolekileyo, lokhu kwenziwa ngobuciko obukhulu. Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; bayixhuma emaceleni omabili. Ibhande elihlotshisiwe lokuyibopha elalikuyo lalenziwe ngendlela efanayo nezingubo, lenziwe ngegolide, ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo; njengokuba uSimakade ayemyalile uMose. Balungisa amatshe e-oniksi, ayezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho, kwaqoshwa kuwo amagama amadodana kaJakobe. Bawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, ukuze abe ngamatshe esikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Benza isivikelo sesifuba ngobuciko obufanayo njengoba benza ingubo yamahlombe, ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. Sasiyisikwele, isivikelo sesifuba siphindeka kabili, ubude baso bungangokuvuleka kwesandla, nobubanzi baso bungangokuvuleka kwesandla, siphindwe kabili. Bafaka kuso imigqa emine yamatshe; kowokuqala bafaka irubhi, ithophazi negarinethi; umugqa wesibili kwaba ithekhoyise, yisafire ne-emeralidi; umugqa wesithathu kwaba yijasinithe, i-agathe ne-amethiyisithi emugqeni wesine kwaba yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasiperi; ayezungezwe yizisekelo zegolide lapho ayefakwe khona. Kwakungamatshe ali-12 alingana namagama amadodana ka-Israyeli; ayeqoshwe njengendandatho yokusicilela, kuqoshwe kulelo nalelo igama lesizwana ngasinye kwezili-12. Benza esivikelweni sesifuba amaketanga egolide elicolisekileyo anjengamagoda aphothiweyo. Benza izisekelo ezimbili zegolide, namasongo amabili egolide; omabili bawafaka ngenhla emachosheni esivikelo sesifuba. Base befaka izintambo ezimbili zegolide emasongweni omabili asemachosheni esivikelo sesifuba. Izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka emiphethweni yomibili, bazibeka ezizibeni ezisemahlombe ukuya ngaphambili kwazo. Base benza amasongo amabili egolide bawafaka emachosheni omabili esivikelo sesifuba, eceleni laso eliqondene nengubo yamahlombe ngaphakathi. Benza amanye amasongo amabili egolide bawafaka phansi phambili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe ngalapho ihlangana khona, ngaphezu kwebhande layo elihlotshisiweyo. Base bebopha isivikelo sesifuba ngamasongo aso, emasongweni engubo yamahlombe basibopha ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka ukuba sibe phezu kwebhande elihlotshisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze singakhumuki kuyo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

U-Eksodusi 39:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Benza izindwangu ezibubende, eziyibubende, nezibomvu, zokukhonza endlini engcwele, benza izambatho ezingcwele zika-Aroni; njengalokho uJehova emyalile uMose. Wenza ingubo yamahlombe ngegolide, nokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Base beshaya izingcwecwe ezicashile zegolide, bazisika zaba izintambo, ukuze bazenze ngokububende, nangokububende, nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, umsebenzi wobuciko. Bayenzela iziziba zamahlombe ukuze ilihlanganise, yahlanganiswa emaceleni omabili. Ibhande le-efodi eliphezu kwayo lalivela kuyo njengomsebenzi wayo; ngegolide, nokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; njengalokho uJehova emyalile uMose. Bakha amatshe e-shohamu ashunyekwe ezingxenyeni zegolide, aqoshwa njengokuqoshwa kwezimpawu ngamagama abantwana bakwa-Israyeli. Wawabeka ezizibeni zamahlombe e-efodi, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova emyalile uMose. Wenza isihlangu sesifuba, ngomsebenzi wengcitshi, njengomsebenzi we-efodi; ngegolide, nokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Laliyizinhlangothi ezine ezilinganayo; bawuphinda kabili umphongolo, ubude bawo babungukwelulwa kweminwe, ububanzi bawo buphindwe kabili. Bafaka kulo izinhla ezine zamatshe; bekuwumugqa wokuqala. Uhla lwesibili lwaba yisimaragidu, nesafire, nedayimani; uhla lwesithathu lwaba yihakiki, ne-agathe, ne-amethiste; uhla lwesine lwaba yiriyeli, neshohamu, nejaspi; ayevalelwe emasaka egolide emacaleni awo. Amatshe ayelitshumi lambili njengamabizo abantwana bakoIsrayeli, njengamabizo abo; Benza esihlangwini sesifuba amaketanga emaceleni omsebenzi osontiwe ngegolide elicwengekileyo. Benza amabhokisi amabili egolide namasongo amabili egolide; wafaka amasongo omabili emaceleni omabili esifuba. Bawafaka amaketanga omabili egolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. Basebebophela izihloko zombili zamaketane ezitsheni zombili, bazifaka ezizibeni zamahlombe zengubo yamahlombe. Benza amasongo amabili egolide, bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba emphethweni waso ongaphakathi kwe-efodi. Benza amanye amasongo amabili egolide, bawafaka ezinhlangothini zombili zengubo yamahlombe phansi, malungana nesixhumanisi sayo, phezu kwebhande le-efodi. Basibophela isihlangu sesifuba emasongweni aso emasongweni e-efodi ngentambo ebubende, ukuze sibe phezu kwebhande lasehlombe le-efodi, ukuze isihlangu sesifuba singahlukani nengubo yamahlombe; njengalokho uJehova emyalile uMose.