U-Eksodusi 14:1-14

U-Eksodusi 14:1-14 ZUL59

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo. UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’ Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke. Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?” Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova. Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.” UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” UJehova uzakunilwela, nothula nina.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo