U-Eksodusi 14:1-14

U-Eksodusi 14:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wathi kuMose: “Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze babuyele emuva, bayokanisa phambi kwePhi Hahirothi, phakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBhali Zefoni; bakanise ngasolwandle babhekane nalo. UFaro uyakuthi ngabantu bakwa-Israyeli: ‘Bayazulazula bedidekile ezweni, ihlane libavalele.’ “Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo. Yabikelwa inkosi yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. UFaro nezinceku zakhe baguqula umqondo mayelana nabantu, bathi: “Yini le esiyenzileyo ukuba sikhulule abakwa-Israyeli bangabe besasisebenzela na?” Wabophela inqola yakhe yempi, wahamba nabantu bakhe; wathatha izinqola ezikhethiweyo ezingama-600, nazo zonke ezinye izinqola zempi zaseGibhithe, nezinduna zempi. USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme. AbaseGibhithe babalandela ngamahhashi, nezinqola zempi zikaFaro, nempi yakhe, babafica bekanise ngasolwandle ePhi Hahirothi, phambi kweBhali Zefoni. Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade. Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na? Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.” Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade. USimakade uzonilwela, nina thulani du.”

U-Eksodusi 14:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo. UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’ Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke. Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?” Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova. Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.” UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” UJehova uzakunilwela, nothula nina.

U-Eksodusi 14:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baphenduke, bamise ngaphambi kwePhihagiroti, phakathi kweMigidoli nolwandle, malungana neBali Sefoni; ngalokho uyakumisa ngaselwandle. Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile. Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo. Kwasekubikwa enkosini yeGibhithe ukuthi abantu babalekile, lenhliziyo kaFaro leyenceku zakhe yabaphendukela abantu, bathi: Sikwenzeleni lokhu, ukuthi senze uIsrayeli ahambe asikhonze? Walungisa inqola yakhe, wathatha abantu bakhe wahamba naye. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha zekhethelo kanye nazo zonke izinqola zaseGibhithe nezinduna phezu kwazo zonke. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica ababemise ngaselwandle ngasePhi-hagiroti ngaphambi kweBali Sefoni. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo, bheka, abaseGibithe babebalandela; besaba kakhulu, abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova. Base bethi kuMose: “Ngokuba kwakungekho mathuna eGibithe wasisusa ukuba sifele ehlane na?” wasenzelani kanje, wasikhipha eGibithe na? Leli akulona yini izwi esalikhuluma kuwe eGibhithe ukuthi: Ake sime, ukuze sikhonze abaseGibhithe? Ngokuba kwakungcono kithi ukukhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade. UJehova uyakunilwela, nina nithule