U-Esteri 9:1-2

U-Esteri 9:1-2 ZUL59

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo. AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo