U-Esteri 9:1-2
U-Esteri 9:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo. Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu.
U-Esteri 9:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo. AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.
U-Esteri 9:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngenyanga yeshumi nambili, eyinyanga ka-Adari, ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kwakusondela isimemezelo senkosi nomthetho wayo ukuba wenziwe, ngalolo suku izitha zabaJuda zazinethemba lokunqoba ngalo. Babe nazo, (ngisho noma kwakuphambene, ukuthi amaJuda ayebusa phezu kwalabo ababewazonda;) AbaJuda babuthana emizini yabo kuzo zonke izifunda zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla phezu kwababefuna okubi kwabo; futhi akekho owayengamelana nabo; ngoba ukwesaba kwabo kwehlela phezu kwabantu bonke.