Kwabase-Efesu 6:1-4

Kwabase-Efesu 6:1-4 ZUL59

Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 6:1-4