UmShumayeli 5:1-7

UmShumayeli 5:1-7 ZUL59

Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi. Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana. Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi. Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo. Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi. Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na? Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UmShumayeli 5:1-7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo