UmShumayeli 5:1-7
UmShumayeli 5:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi. Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho. Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi. Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho. Kungcono ukungasenzi isifungo kunokuba ufunge kodwa ungafezi. Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na? Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.
UmShumayeli 5:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi. Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana. Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi. Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo. Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi. Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na? Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
UmShumayeli 5:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Qaphela unyawo lwakho lapho uya endlini kaNkulunkulu, futhi uthande ukuzwa kunokunikela ngomhlatshelo weziwula; ngoba kabacabangi ukuthi benza okubi. Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane. Ngokuba iphupho liza ngobuningi bezindaba; izwi lesiwula laziwa ngamazwi amaningi. Nxa wenza isithembiso kuNkulunkulu, ungalibali ukusigcwalisa; ngoba akathokozi ngeziwula; khokha lokho okuthembisile. Kungcono ukuthi ungathembisi, kulokuthi uthembise kodwa ungakhokhi. Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na? Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi namazwi amaningi kukhona okuyize okuyizinhlobonhlobo; kodwa yesaba uNkulunkulu.