“Nawe ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho, kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga. Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo. “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. “Nansi incazelo yale nto: MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile. TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula. PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
Funda UDaniyeli 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 5:22-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo