UDaniyeli 5:22-28
UDaniyeli 5:22-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nawe ndodana yakhe, Bhelishazari, awuyithobisanga inhliziyo yakho, nakuba ukwazi konke lokho, kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho. Yayisithunyelwa le ngxenye yesandla ivela kuye, kwalotshwa lo mbhalo. “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. “Nansi incazelo yalokho: MENE: uNkulunkulu uwubalile umbuso wakho, uwuqedile. TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula. PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
UDaniyeli 5:22-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nawe ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho, kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga. Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo. “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. “Nansi incazelo yale nto: MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile. TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula. PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
UDaniyeli 5:22-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nawe, ndodana yakhe, Belishasari, awuzithobanga inhliziyo yakho, noma ukwazi konke lokhu; Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga. Kwase kuphuma kuye ingxenye yesandla; lombhalo walotshiwe. Nanku umbhalo obhaliwe: MENE, MENE, TEKEL, UFARSIN. Nansi incazelo yendaba: MENE; UNkulunkulu ubalile umbuso wakho, wawuqeda. I-TEATLE; Ukaliwe esilinganisweni, wafunyanwa ulula. PERES; Umbuso wakho wahlukaniswa wanikezwa amaMede namaPheresiya.