U-Amose 5:21-24

U-Amose 5:21-24 ZUL59

“Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu, angenameli imihlangano yenu. Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo. Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho. Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi, nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

Funda U-Amose 5