IzEnzo 8:32-35

IzEnzo 8:32-35 ZUL59

Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

Funda IzEnzo 8