“Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.
“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.
“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’
“Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
“Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.
“INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’
“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.
“Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.