IzEnzo 7:17-38

IzEnzo 7:17-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili. “Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. “Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’ “Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’ “UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. “Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:17-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe. Kwaze kwavela enye inkosi eyayingamazi uJosefa. Yona yaphatha izihlobo zethu ngobuqili, yabaphatha kubi obaba, baze baxotsha abantwana babo, ukuze bangaphili. Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, wayemuhle kakhulu, wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise. Eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthatha, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibithe, waba namandla ngamazwi nangezenzo. Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Ngokuba wayethi abazalwane bakhe bazoqonda ukuthi uNkulunkulu wayezobakhulula ngesandla sakhe, kepha abaqondanga. Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. INkosi yasisithi kuye: Khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngoba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni. Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. Nguye lo uMozisi owathi kubantwana bakoIsrayeli: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; yena lizamuzwa. Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:17-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asethembisa ku-Abhrahama, base banda ngokuphindiwe eGibhithe, kwaze kwabusa enye inkosi eGibhithe eyayingamazi uJosefa. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili. “Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu. Eselahliwe, watholwa yindodakazi kaFaro, yazikhulisela yena, waba yindodana yayo. UMose wafundiswa konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe, waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. “Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli. Kuthe ebona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindiselela ocindezelweyo, wambulala owaseGibhithe. Wayenethemba lokuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubalethela inkululeko ngesandla sakhe, kodwa abakuqondanga lokho. Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’ “Kepha lowo owayelimaza owakubo wamhlohloloza, wathi: ‘Ngubani okubeke ukuba ngumbusi nomehluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami njengokuba ubulele umGibhithe izolo na?’ “UMose ezwa lokho, wabaleka, wayokuba ngumfokazi kwaMidiyani, lapho afika wazala khona amadodana amabili. “Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. UMose ewubona lowo mbono wamangala. Kwathi esondela ukuba abhekisise, wezwa izwi leNkosi lithi: ‘NginguNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ “UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izimbadada ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’ “UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo. Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40. “Nguye lo Mose owathi kwabakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umphrofethi onjengami kubafowenu.’ “Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:17-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)