IzEnzo 23:1-11

IzEnzo 23:1-11 ZUL59

UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.” Kepha umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo. Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?” Ababemi khona base bethi: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?” UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ” Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.” Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili. Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili. Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?” Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.* Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”

Funda IzEnzo 23

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo