IzEnzo 23:1-11

IzEnzo 23:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.” Umphristi omkhulu, u-Ananiya, wayala ababemi eduze naye ukuba bamshaye umlomo. Khona uPawula wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhleli ukuba ungehlulele ngokomthetho, kodwa wephula umthetho ngokuyala ukuba ngishaywe na?” Ababemi lapho base bethi: “Uthuka umphristi omkhulu kaNkulunkulu na?” UPawula wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumphristi omkhulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ” UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.” Esekushilo lokho, kwaqubuka impikiswano phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, izixuku zehlukana kabili. Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kodwa abaFarisi bayakuvuma konke. Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?” Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini. Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 23

IzEnzo 23:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.” Kepha umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo. Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?” Ababemi khona base bethi: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?” UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ” Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.” Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili. Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili. Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?” Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.* Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 23