2 uSamuweli 22:14-16

2 uSamuweli 22:14-16 ZUL59

UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.