2 uSamuweli 22:14-16
2 uSamuweli 22:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabahlakaza; umbani, wabadunga. Kwabonakala imisele yolwandle, izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova ngokuphephetha komoya wamakhala akhe.
2 uSamuweli 22:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade waduma ezulwini; Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, ngonyazi wabadidizelisa. Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.
2 uSamuweli 22:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.