2 uSamuweli 11:1-5

2 uSamuweli 11:1-5 ZUL59

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka. UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?” UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya. Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 uSamuweli 11:1-5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo