2 uSamuweli 11:1-5
2 uSamuweli 11:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema. Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka. UDavide wayesethumela wabuza kowesifazane. Omunye wathi: “Lo akasiye uBati Sheba indodakazi ka-Eliyamu umka-Uriya umHeti na? UDavide wayesethuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye; ngoba wayesehlanjululwe ekungcoleni kwakhe, wabuyela endlini yakhe. Owesifazana wakhulelwa, wathumela watshela uDavida wathi: Ngikhulelwe.
2 uSamuweli 11:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi. Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle. UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?” UDavide wathumela izithunywa ukuba zimlande, wafika kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile ekungcoleni kwakhe, wayesebuyela ekhaya. Owesifazane wakhulelwa, wathumela ukuba kuyobikelwa uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”
2 uSamuweli 11:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka. UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?” UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya. Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”