U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.” Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane; yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi. Base bethululela abantu ukuba badle. Kwathi besadla lokho kudla, bakhala bathi: “We muntu kaNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini.” Babengasenakudla. Kepha wathi: “Lethani impuphu.” Wayiphonsa ekhanzini, wathi: “Thululela abantu ukuba badle.” Kwakungasekho okubi ekhanzini. Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.” Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?” Wathi: “Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ” Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.
Funda 2 AmaKhosi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 AmaKhosi 4:38-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo