2 AmaKhosi 22:11-20

2 AmaKhosi 22:11-20 ZUL59

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi: “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.” Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.