2 AmaKhosi 22:11-20

2 AmaKhosi 22:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi lapho inkosi iwezwa amazwi ayesencwadini yomthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya, umphristi, u-Ahikamu, indodana kaShafani, u-Akhibhori, indodana kaMikhaya, uShafani, umbhali no-Asaya, inceku yenkosi, yathi kubo: “Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nabantu naye wonke uJuda, maqondana namazwi ale ncwadi etholakeleyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade esivuthelayo. Okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi, ukuze benze njengakho konke okulotshwe ngathi kuyo.” UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye. Wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yishoni kumuntu onithumele kimi nithi: usho kanje uSimakade uthi: ngiyokwehlisela okubi kule ndawo naphezu kwabakhe kuyo, njengokusho kwawo wonke amazwi encwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nibuze kuSimakade, niyothi kuyo: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: amazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho ithambile, wazithoba phambi kukaSimakade, ngesikhathi uwezwa, lokho engakukhuluma kule ndawo nakwabakhileyo kuyo, ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, wawusuklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uSimakade. Ngakho-ke ngiyokubuthela kokhokho bakho, ubuthelwe edlinzeni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukukubona konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Base bebuyisela enkosini lelo lizwi.

2 AmaKhosi 22:11-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi: “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.” Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

2 AmaKhosi 22:11-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: Hambani, ningibuze kuJehova, mina nabantu, noJuda wonke ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba kabalalelanga. Njengamazwi ale ncwadi, senze njengakho konke okulotshiweyo ngathi. Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi encwadi inkosi yakwaJuda eyayifunda. Ngokuba bangishiyile, bashunqisa abanye onkulunkulu, ukuze bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngakho-ke ulaka lwami luyovuthela le ndawo, futhi ngeke lucime. Kepha enkosini yakwaJuda owayithuma ukubuza kuJehova, wothi kuyo: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owazwileyo; Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaJehova, lapho usuzwile engikukhulume ngale ndawo nabakhileyo kuyo, ukuthi bayakuba yihlane nesiqalekiso, izingubo zakho zidatshulwe, zakhala izinyembezi emehlweni akho. Mina; nami nginizwile,” usho uJehova. Ngakho-ke bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula; amehlo enu kawayikubona konke okubi engizakwehlisela phezu kwalendawo. Baphinde babikela inkosi.