U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova: Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova. Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.” Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”
Funda 2 AmaKhosi 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 AmaKhosi 20:16-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo