2 AmaKhosi 20

20
Ukugula kukaHezekiya nokufa kwakhe
1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”
2Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi: 3“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
4Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi: 5“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova. 6 Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu, ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”
7Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda.
8Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”
9Wathi u-Isaya: “Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?”
10UHezekiya wathi: “Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.”
11U-Isaya umprofethi wakhala kuJehova, wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi.
Izithunywa zaseBabele
12 Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani, inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula. 13UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.
14Wayesefika u-Isaya umprofethi enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”
Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude eBabele.”
15Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”
UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”
16U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova: 17 Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova. 18 Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”
19Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”
20Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 21UHezekiya wayeselala koyise. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 AmaKhosi 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo