Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke. Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. Ningamcimi uMoya; ningakudeleli ukuprofetha; vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi. Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi. Bazalwane, sikhulekeleni. Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.
Funda 1 kwabaseThesalonika 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 5:14-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo