1 uSamuweli 23:1-14

1 uSamuweli 23:1-14 ZUL59

Kwabikwa kuDavide ukuthi: “Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila, aphanga izibuya.” Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?” UJehova wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.” Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na?” UDavide waphinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula wathi: “Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.” UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila. Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe. UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.” Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami. Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.” Wathi uJehova: “Uyakwehla.” Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?” Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.” Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 uSamuweli 23:1-14