1 uSamuweli 23:1-14

1 uSamuweli 23:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Base bebikela uDavide, bathi: “Bheka, amaFilisti alwa neKehila, aphanga izibuya; Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngihambe ngiwabulale lawa maFilisti na? UJehova wathi kuDavide: “Hamba, uwabulale amaFilisti, usindise iKehila.” Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma sifika eKehila ukulwa nezimpi zamaFilisti? UDavida wasephinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula, wathi: “Suka wehlele eKehila; ngokuba ngiyakuwanikela amaFilisti esandleni sakho. UDavide nabantu bakhe baya eKehila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawabulala ngokuceka okukhulu. Kanjalo uDavide wabasindisa abakhileyo eKehila. Lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka ngemva kukaDavide eKehila, wehla ephethe indwangu ehlombe esandleni sakhe. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKehila. USawule wayesethi: “UNkulunkulu umnikele esandleni sami; ngoba uvalelwe ngokungena emzini onamasango nemigoqo. USawule wabiza bonke abantu ukuba balwe, behlele eKehila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe. UDavide wazi ukuthi uSawule umenze okubi ngasese; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.” UDavide wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwile ukuthi uSawule ufuna ukuza eKehila ukuba achithe umuzi ngenxa yami. Amadoda aseKehila anganginikela yini esandleni sakhe? Ingabe uSawule uzokwehla njengoba inceku yakho izwile? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, yitshele inceku yakho. Wathi uJehova: Uyokwehla. UDavida wasesithi: Abantu beKehila bazanginikela mina labantu bami esandleni sikaSawuli yini? Wathi uJehova: Bazakunikela esandleni sakho. Ngemva kwalokho uDavide namadoda ayekanye naye, kungathi abangamakhulu ayisithupha, basuka basuka eKehila, bahamba nomaphi lapho babengaya khona. USawule watshelwa ukuthi uDavide ubalekile eKehila; wehluleka ukuphuma. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

1 uSamuweli 23:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abantu bambikela uDavide, bathi: “Bheka, amaFilisti alwa neKheyila, aphanga izibuya.” UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngihambe yini ngiyowabulala lawo maFilisti na?” USimakade wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKheyila.” Abantu bakaDavide bathi kuye: “Uyabona-ke, siyesaba lapha kwaJuda; kangakanani-ke uma sesiya eKheyila, silwe namabutho amaFilisti na?” UDavide waphinda wabuza kuSimakade. USimakade wamphendula wathi: “Suka wehlele eKheyila, ngokuba amaFilisti ngizowanikela esandleni sakho.” UDavide namabutho akhe baya eKheyila, balwa namaFilisti, badla izinkomo zawo, bawashaya bawaqothula. Wayesezihlenga uDavide izakhamuzi zaseKheyila. Ngesikhathi u-Abhiyathara, indodana ka-Ahimelekhi, ebaleka eya kuDavide eKheyila, wehla ephethe ingubo yamahlombe ngesandla sakhe. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKheyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” USawule wabiza abantu bonke ukuba baye empini, behlele eKheyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe. UDavide wayazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abhiyathara, umphristi: “Letha ingubo yamahlombe.” Wayesethi uDavide: “Simakade, Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile ngokweqiniso ukuthi uSawule ufuna ukuza eKheyila azobhubhisa umuzi ngenxa yami. Abantu baseKheyila bayakunikela yini ngami esandleni sakhe na? USawule uyakwehla yini njengalokhu inceku yakho izwile na? Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.” Wathi uSimakade: “Uyakwehla.” Wayesethi uDavide: “Abantu baseKheyila bayakungikhaphela yini mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?” Wathi uSimakade: “Bayakukukhaphela.” Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

1 uSamuweli 23:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwabikwa kuDavide ukuthi: “Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila, aphanga izibuya.” Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?” UJehova wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.” Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na?” UDavide waphinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula wathi: “Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.” UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila. Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe. UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.” Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami. Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.” Wathi uJehova: “Uyakwehla.” Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?” Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.” Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.