1 uSamuweli 10:17-27

1 uSamuweli 10:17-27 ZUL59

USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa; wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’ kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.” USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini. Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga. Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.” Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu. USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke.” Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: “Mayime njalo inkosi.” USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo. Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile. Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo