1 uSamuweli 10:17-27

1 uSamuweli 10:17-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha. Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’ Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.” USamuweli wayesezisondeza zonke izizwana zakwa-Israyeli, kwathi isizwana sakwaBhenjamini sadliwa wunkatho. Wayesesondeza isizwana sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwenziwa unkatho, lwadla umndeni wakwaMathri; lwadla noSawule, indodana kaKishi. Kepha kwathi lapho bemfuna, akafunyanwanga. Babuye babuza kuSimakade ukuthi: “Usazofika yini lowo muntu na?” USimakade waphendula wathi: “Bheka, ukhona, ucashe empahleni.” Bagijima, bamlanda lapho. Wema phakathi kwabantu; wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu. USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!” USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya. USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye. Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.

1 uSamuweli 10:17-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa; wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’ kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.” USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini. Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga. Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.” Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu. USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke.” Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: “Mayime njalo inkosi.” USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo. Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile. Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.

1 uSamuweli 10:17-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USamuweli wabizela ndawonye abantu kuJehova eMispa; wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Isho kanje iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: Ngakhuphula u-Israyeli eGibithe, nganisindisa esandleni sabaseGibithe, nasesandleni sayo yonke imibuso, nakuyo eyayinicindezela. Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu. Lapho uSamuweli esesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwathathwa isizwe sakwaBenjamini. Esesondele isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yaso, kwathathwa umndeni wakwaMatiri, noSawule indodana kaKishi wathunjwa; kwathi sebemfuna, akabange esafunyanwa. Yingakho babuza futhi kuJehova mayelana nokuthi lowo muntu usazoza yini lapho. Wathi uJehova: Bheka, wacasha phakathi kwezinto. Basebegijima bamlanda khona; lapho emi phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuye phezulu. USamuweli wasesithi ebantwini bonke: Limbonile yini amkhethileyo uJehova, ukuthi kakho onjengaye phakathi kwabantu bonke? Base bekhala bonke abantu, bathi: “Inkosi mayisindise inkosi! USamuweli wayesebatshela abantu indlela yombuso, wayiloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wayesebamukisa bonke abantu, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe. Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu. Kepha abantwana bakwaBeliyali bathi: “Lo uyakusisindisa kanjani na?” Futhi bamdelela, futhi abazange bamlethele izipho. Kodwa wathula.