1 AmaKhosi 19:9-14

1 AmaKhosi 19:9-14 ZUL59

Wangena khona emhumeni, walala khona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya, na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba; emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo. U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya, na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AmaKhosi 19:9-14