1 AmaKhosi 19:9-14
1 AmaKhosi 19:9-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wangena lapho emgedeni, walala khona. Kwase kufika izwi likaSimakade, lathi kuye: “Eliya, wenzani lapha na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba. Emva kokuzamazama komhlaba, kwaba khona umlilo, kodwa wayengekho uSimakade emlilweni. Emva komlilo, kwaba nezwi elincane elihlebezayo. Kwathi lapho u-Eliya elizwa wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema ekungeneni komgede. Kwase kufika kuye izwi, lathi: “Eliya, wenzani lapha na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”
1 AmaKhosi 19:9-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wangena khona emhumeni, walala khona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya, na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba; emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo. U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya, na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”
1 AmaKhosi 19:9-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wangena khona emhumeni, walala khona; bheka, izwi likaJehova lafika kuye, lathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya? Wathi: “Ngaba nobukhwele obukhulu kuJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe. Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba. Emva kokuzamazama komhlaba umlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni, emva komlilo izwi elincane elizolile. U-Eliya ekuzwa lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya? Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.